Uhla Lwezihloko Isendlalelo

Thina, bantu baseNingizimu Afrika,

Siyazamukela izenzo ezingalungile zesikhathi esadlula;

Siphakamisa labo abahluphekela ubulungiswa nenkululeko emhlabeni wethu;

Sihlonipha labo abasebenzele ukwakha nokuthuthukisa izwe lethu; futhi

Sikholelwa ukuthi iNingizimu Afrika ingeyabo bonke abahlala kuyo, sibumbene nakuba singafani.

Ngakho-ke, ngokusebenzisa labo abasimele esibakhethe ngokukhululeka, samukela lo Mthethosisekelo njengomthetho omkhulu weRiphabhuliki ukuba -

Sengathi uNkulunkulu angavikela abantu bakithi.
Nkosi Sikelel’ i-Afrika.
Morena boloka setjhaba sa heso.
God seën Suid-Afrika.
God bless South Africa.
Mudzimu fhatutšhedza Afurika.
Hosi katekisa Afrika.