[Incazelo ejwayelekile: Ukutuswa ngokuhlonishwa okwenziwe kuSomqulu kaHulumeni we 24155 mhlaka 6 Disemba 2002 kanye noSomqulu kaHulumeni we 5213 mhlaka 25 Julayi 2003.]
UMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo kufanele angamele lolu khetho noma aqoke elinye ijaji ukwenza lokhu. Inqubo elandelwayo ebekwe kuNgxenye A yeSheduli yesi-3 iyona esebenzayo ekukhethweni kukaMongameli.
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho WwesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.]
Ukhetho lokuvala isikhala esikhundleni sikaMongameli kufanele lubekelwe isikhathi nosuku nguMongameli weNkantolo yoMthethosisekelo, kodwa zingakadluli izinsuku ezingama-30 ngemuva kokuvela kwesikhala.
[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2001.)
Umuntu okuthe njengeBamba likaMongameni wafunga noma waqinisekisa ukwethembeka kuRiphabhuliki akudingeki ukuthi aphinde inqubo elandelwayo yokufungiswa nokuqinisekisa esikhathini esilandelayo sokuba yiBamba likaMongameli esikhathini esilandelayo uma eba iBamba likaMongameli ngesikhathi kuphela isikhathi lapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli engena esikhundleni.
[Isigatshana sesi (4) esengezwe yisigaba soku 1 soMthetho wokuQlala oChibiyela uMthethosisekelo we 1997.]
AmaPhini oNgqongqoshe aqokwe ngokwemigomo yesigatshana soku (1)(b) anesibopho ePhalamende sokusebenzisa amandla awo kanye nokwenza imisebenzi yawo.
[Isigaba sama 93 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 7 soMthetho wesiThupha oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2001.]
Ilungu leKhabhinethi lingabela ilungu loMkhandlu Omkhulu wesifundazwe noma loMkhandlu Kamasipala noma yimaphi amandla noma umsebenzi okufanele wenziwe ngokoMthetho Wephalamende. Ukwabiwa –
kufanele uhambisane nesivumelwano phakathi kwelungu leKhabhinethi elithintekile kanye nelungu loMkhandlu Omkhulu noma loMkhandlu Kamasipala;
kufanele uhambisane nomthetho wePhalamende ophathelene nokusetshenziswa kwalawo mandla noma ukwenziwa kwalowo msebenzi; futhi
kuqala ukusebenza lapho kumenyezelwa nguMongameli.
Isihloko sichibiyelwe yisigaba sesi 2(a) soMthetho weShumi nanye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]
Uma isifundazwe singakwazi noma singafezi izibopho zaso zokuphatha ezibekwe nguMthethosisekelo noma ngumthetho, isigungu esiphethe singalungena udaba ngokuthatha izinyathelo ezifanele ukuqinisekisa ukufezwa kwezibopho, kumbandakanya –
[Isigatshana soku (1) sichibiyelwe yisigaba sesi 2(b) soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]
Uma isigungu esiphethe singena udaba esifundazweni ngokwesigatshana(1)(b) –
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 2(c) soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003.]
Umthetho kazwelonke ungalawula uhlelo olumiswe yilesi sigaba.
[Isigaba se 100 sichibiyelwe yisigaba sesi 2(a) soMthetho weShumi naNye oChibiyela uMthetho- sisekelo wezi 2003.]