Isahluko 7: Uhulumeni Wendawo (151–164)
151. Ukuma komasipala
- Umkhakha kahulumeni wendawo wakhiwe ngomasipala, okufanele bamiswe
kuyo yonke indawo yaseRiphabhuliki.
- Igunya lokuphatha nelokushaya imithetho likamasipala libekwe
kuMkhandlu kaMasipala.
- Umasipala unelungelo lokubusa, ngendlela ozibekele yona izindaba
zikahulumeni wasekhaya emphakathini wawo, ngendlela ehambisana
nomthetho kazwelonke nowesifundazwe njengoba
kubekiwe kuMthethosisekelo.
- Uhulumeni kazwelonke noma wesifundazwe akufanele abeke ebucayini
noma akhinyabeze ikhono noma ilungelo likamasipala lokusebenzisa
amandla akhe noma lokwenza imisebenzi yakhe.
152. Izinjongo zikahulumeni wendawo
- Izinjongo zikahulumeni wasekhaya –
- ukuhlinzekela uhulumeni obusa ngenqubo yentando yeningi
nophendulayo emiphakathini yendawo;
- ukuqinisekisa ukuhlinzekelwa kwezidingo emiphakathini ngendlela
enenqubekela phambili;
- ukugqugquzelela ukuthuthukiswa kwenhlalakahle nezomnotho;
- ukugqugquzelela indawo okuphilwa kuyo ephephile nephilile; kanye
- nokukhuthaza ukubamba iqhaza kwemiphakathi kanye nezinhlangano
zomphakathi ezindabeni zikahulumeni wasekhaya.
- Umasipala kufanele azame, ngokusebenzisa amandla emali nawokuphatha ukufeza izinjongo ezibekwe esigatsheni soku (1).
153. Izibopho zomasipala zokuthuthukisa indawo
- Umasipala kufanele –
- akhe futhi aphathe iminyango yakhe eyahlukene, uhlelo lokwabiwa
kwezimali nokuhlelwa kwenqubo ebeka phambili izidingo
zomphakathi eziyisisekelo, kanye nokugqugquzelela ukuthuthukiswa kwenhlalakahle nomnotho emphakathini; futhi
- abambe iqhaza ezinhlelweni zentuthuko kazwelonke neyezifundazwe.
154. Ukubusa ngokubambisana komasipala
- Uhulumeni kazwelonke kanye nohulumeni bezifundazwe, ngokusebenzisa
umthetho nezinye izinyathelo, kufanele beseke futhi baqinise amandla
omasipala okuphatha izindaba zabo, ukusebenzisa amandla abo
nokwenza imisebenzi.
- Umthetho kazwelonke ohlongozwayo noma wesifundazwe onomthelela esimweni, ezikhungweni, emandleni nasemsebenzini yohulumeni basekhaya kufanele ushicilelwe ukuze umphakathi uphawule ngaphambi kokuthi wethulwe ePhalamende noma kusishayamthetho sesifundazwe, ngendlela evumela uhulumeni wasekhaya ohlelekile, omasipala nabanye abantu abanentshisekelo, ithuba lokwethula iziphakamiso mayelana nomthetho ohlongozwayo.
155. Ukumiswa komasipala
- Kunalezi zinhlobo ezilandelayo zomasipala -
- Uhlobo A: Umasipala onegunya lokuphatha nelomthetho eliphelele
njengomasipala endaweni yakhe.
- Uhlobo B: Umasipala owabelana amandla okuphatha negunya
lomthetho endaweni yawo nomasipala oluhlobo C owela ngaphansi
kwendawo yawo.
- Uhlobo C: Umasipala onegunya lokuphatha nelomthetho endaweni
efaka omasipala abangaphezu koyedwa.
- Umthetho kazwelonke kufanele uchaze izinhlobo ezahlukene
zikamasipala abangamiswa ngaphakathi kohlobo ngalunye lukamasipala.
- Umthetho kazwelonke kufanele –
- umise indlela ezolandelwa ukunquma uma indawo kufanele ibe
nomasipala oyedwa oluhlobo A noma uma kufanele ibe nomasipala
abayizinhlobo zombili u B no C;
- umise indlela nenqubo ezolandelwa yokunqunywa kwemingcele
yomasipala yisiphathimandla esizimele; kanye
- ngokwesigaba sama 229, ahlinzekele ukwehlukaniswa kwamandla
nemisebenzi okufanele phakathi komasipala lapho indawo
inomasipala abazinhlobo zombili u B no C. Ukwahlukaniswa kwamandla nemisebenzi phakathi kohlobo u B lukamasipala kanye nohlobo u C lukamasipala kungehluka ekwahlukanisweni kwamandla nemisebenzi omunye umasipala oluhlobo B nolukamasipala oluhlobo C.
- Umthetho okubhekiswe kuwo isigatshana sesi (3) kufanele uqikelele
isidingo sokuhlinzekela ngezinsiza zikamasipala ngendlela elinganayo
nekwazi ukuzimela.
- Umthetho wesifundazwe kufanele unqume ukuthi yiziphi izinhlobo
ezahlukene zikamasipala okufanele zimiswe esifundazweni.
- Uhulumeni wesifundazwe ngamunye kufanele amise omasipala
esifundazweni sakhe ngendlela ehambisana nomthetho omiswe
ngokwezigatshana sesi (2) nesesi (3), futhi ngokwezinyathelo
zomthetho noma ezinye, kufanele –
- ahlinzekele ukubhekwa nokusekelwa kukahulumeni wasekhaya esifundazweni; futhi
- agqugquzele ukuthuthukiswa kwamandla kahulumeni wasekhaya okuvumela
omasipala ukuba bakwazi ukwenza imisebenzi yabo futhi baziphathele
nezindaba zabo.
(6A) ……..
[Isigatshana sesi (6A) sifakwe isigaba soku 1 soMthetho wesiThathu oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2003 futhi sacishwa isigaba sesi 2 soMthetho weShumi Nambili oChibiyela uMthethosisekelo wezi 2005.]
- Uhulumeni kazwelonke, ngokwesigaba sama 44, kanye nohulumeni
bezifundazwe banegunya lomthetho nelokuphatha ukubheka ukwenziwa
ngempumelelo komsebenzi ngomasipala mayelana nezindaba ezisohlwini
olukuSheduli yesi 4 neyesi 5, ngokukulawula ngokusemthethweni
ukusetshenziswa ngomasipala igunya labo lokuphatha okushiwo
esigatsheni se 156(1).
156. Amandla nemisebenzi yomasipala
- Umasipala unegunya lokuphatha kulokhu okulandelayo, futhi unelungelo
lokwengamela –
- izindaba zikahulumeni wasekhaya ezisohlwini oluseNgxenyeni B
yeSheduli yesi 4 kanye neNgxenye B yeSheduli yesi 5; kanye
- nanoma yiluphi olunye udaba alwabelwe ngumthetho kazwelonke
noma wesifundazwe.
- Umasipala angashaya futhi engamele imithetho yamadolobha ngenhloso
yokuphatha ngempumelelelo izinto anelungelo lokuziphatha.
- Ngokulandela isigaba se 151(4), umthetho wamadolobha ongqubuzana
nomthetho kazwelonke noma wesifundazwe awukwazi ukusebenza. Uma
kunokungqubuzana phakathi komthetho wamadolobha nomthetho kazwelonke
noma wesifundazwe ongasebenzi ngenxa yokungqubuzana okushiwo
esigabeni se 149, umthetho wamadolobha kufanele uthathwe
njengosebenzayo ngaso sonke isikhathi uma lowo mthetho ungasebenzi.
- Uhulumeni kazwelonke nohulumeni wesifundazwe kufanele babele
umasipala, ngokwesivumelwano futhi nganoma yiziphi izimo, igunya
lokwengamela udaba olubekwe ohlwini lweNgxenye A yeSheduli yesi 4
noma eNgxenyeni A yeSheduli yesi 5 oluphathelene nohulumeni
wasekhaya, uma –
- lolo daba lungenganyelwa kahle kakhulu endaweni; futhi
- uma umasipala enamandla okulwengamela lolo daba.
- Umasipala unelungelo lokusebenzisa noma yimaphi amandla mayelana
nodaba olubalulekile, noma oluhambisana nokwenziwa ngempumelelo
komsebenzi yawo.
157. Ukwakheka nokukhethwa kweMikhandlu kaMasipala
- UMkhandlu kaMakasipala wakhiwe –
- ngamalungu akhethwe ngokulandela izigatshana sesi (2) nesesi
(3); noma
- uma kuhlinzekelwe ngumthetho kazwelonke –
- amalungu aqokwe ngeminye iMikhandlu Kamasipala ukuba amele
leyo Mikhandlu eminye; noma
- kokubili amalungu akhethwe ngendlela ehambisana nendima (a)
kanye namalungu aqokwe ngokulandela indima engaphansana
u (i) yale ndima.
[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1(a) soMthetho Wesishiyagalombili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002 kanye nayisigaba sesi 3 soMthetho Weshumi Nanhlanu Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]
- Ukukhethwa kwamalungu oMkhandlu kaMasipala njengoba kulindelwe
esigatshaneni soku (1)(a), kufanele kulandele umthetho kazwelonke
okufanele ubeke uhlelo –
- lokumelwa ngokwenani lamavoti atholiwe olwesekelwe engxenyeni
yalowo masipala yohlu lukazwelonke lwabavoti, noluhlinzekela ukukhethwa kwamalungu avela ohlwini lwabaphakanyiswe yiqembu ababekwe ngokulandelana kuya ngokuthanda kweqembu; noma
- lokumelwa ngokwenani lamavoti njengoba kuchazwe kusigaba (a)
luhlanganiswe nohlelo lokumelwa ngamawadi olwesekelwe kuleyo ngxenye
kamasipala yohlu lukazwelonke lwabavoti.
-
Uhlelo lokuvota ngokwesigatshana sesi (2) kufanele luphethe,
jikelele, nokumelwa ngokobungako benani lamavoti atholiwe.
[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1(b) soMthetho weshumi Nesishiyagalombili Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002.]
-
- Uma uhlelo lokhetho lumbandakanya ukumelwa ngokwezifunda zedolobha,
kufanele ukuklaywa kwamawadi kwenziwe yiziphathimandla ezizimele
eziqokwe ngokuthi kulandelwe, futhi zisebenze, ngokwezinqubo
ezilandelwayo kanye nezindlela ebekwe ngumthetho kazwelonke.
-
……
[Indima (b) isuswe yisigaba soku 1(b) soMthetho Weshumi Nesishiyagalombili Sokuchibiyela uMthethosisekelo we 2005.]
[Isigatshana sesi (4) indawo yaso ithathwe yisigatshana sesi 2 soMthetho Wesithathu Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1998.]
- Umuntu angavota kumasipala kuphela uma ebhaliswe engxenyeni yalowo
masipala yohlu lukazwelonke lwabavoti.
- Umthetho Kazwelonke oshiwo kusigatshana soku (1)(b) kufanele umise
usungule uhlelo oluvumela amaqembu kanye nezifiso ezivezwe ngaphansi
koMkhandlu Kamasipala oqokayo, ukuba umelwe ngendlela efanele
eMkhandlwini Kamasipala oqokelwayo.
158. Ubulungu boMkhandlu kaMasipala
- Zonke izakhamuzi ezinelungelo lokuvotela uMkhandlu kaMasipala
zingaba amalungu alowo Mkhandlu, ngaphandle –
- kwanoma ngubani oqokelwe esikhundleni, noma osebenzela
umasipala, futhi ekuholelwa ukuqokwa noma ukusebenza kwakhe, futhi engazange akhululwe kulokhu kungavunyelwa ngokomthetho kazwelonke;
- kwanoma ngubani oqokelwe esikhundleni ngumbuso, noma osebenzela
umbuso, komunye umkhakha, futhi ekuholelwa ukuqokwa noma ukusebenza
kwakhe, futhi ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu kaMasipala
ngokomthetho kazwelonke;
- kwanoma ngubani ongavunyelwe ukuvotela IsiGungu sikaZwelonke noma
ongavunyelwe ngokwesigaba sama 47(1)(c)(d) noma (e) ukuba yilungu
lesiGungu;
- kwelungu lesiGungu kaZwelonke, isithunywa soMkhandlu kaZwelonke
weziFundazwe noma ilungu lesishayamthetho sesifundazwe; kodwa lokhu
kungavunyelwa akusebenzi elungwini loMkhandlu kaMasipala elimele
uhulumeni wasekhaya eMkhandlwini Kazwelonke; noma
- kwelungu lomunye uMkhandlu Kamasipala, kodwa lokhu kungavunyelwa
akusebenzi elungwini loMkhandlu Kamasipala elimele lowo Mkhandlu
komunye uMkhandlu Kamasipala wohlobo olwehlukile.
- Umuntu ongavunyelwe ukuba yilungu loMkhandlu Kamasipala
ngokwesigatshana soku (1)(a),(b),(d), noma (e) angamela ukhetho
loMkhandlu, kuye nganoma iyiphi imikhawulo nezimiso ezimiswe
ngumthetho kazwelonke.
-
Izikhala zomsebenzi kuMkhandlu Kamasipala mazigcwaliswe ngokwemigomo
yomthetho kazwelonke.
[Isigatshana sesi 3 singezwe yisigaba sesi 4 soMthetho Weshumi Nanhlanu Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2008.]
159. Isikhathi soMkhandlu kaMasipala
- Isikhathi soMkhandlu Kamasipala asinakuba ngaphezulu kweminyaka
emihlanu, ngonjengoba kunqunywe ngumthetho kazwelonke.
- Uma uMkhandlu Kamasipala uhlakazwa ngokomthetho kazwelonke, noma
lapho kuphela isikhathi sawo, kufanele kwenziwe ukhetho zingakapheli
izinsuku ezingama 90 kusukela ngosuku uMkhandlu owahlakazwa ngalo noma okwaphela isikhathi sawo.
-
UMkhandlu Kamasipala, ngaphandle koMkhandlu ohlakazwe kulandela
ukungeneelela ngokwesigaba se 139, uhlala ukulungele ukusebenza
kusukela ngesikhathi uhlakazwa noma kuphela isikhathi sawo, kuze
kube sekumenyezelwe ukukhethwa koMkhandlu osanda kukhethwa.
[Isigaba se 159 indawo yaso ithathwe yisigaba soku 1 soMthetho Wesibili Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 1998.]
160. Izinqubo ezilandelwayo zangaphakathi
- UMkhandlu kaMasipala –
- uthatha izinqumo eziphathelene nokusetshenziswa kwamandla kanye
nokwenziwa kwayo yonke imisebenzi kamasipala;
- kufanele ukhethe usihlalo wawo;
- ungakhetha ikomiti eliphethe kanye namanye amakomiti,
ngokomthetho kazwelonke; futhi
- ungaqasha abasebenzi abadingekayo ukuze kwenziwe umsebenzi
wawo ngempumelelo.
- Imisebenzi elandelayo ayinakugunyazwa nguMkhandlu Kamasipala:
- ukushaywa kwemithetho kamasipala;
- ukuvunywa kwezabelozimali;
- ukubekwa kwezintela ezikhokhela imisebenzi eyenziwe kanye
nezinye zolunye uhlobo, izintela ezikhokhelwa okuthile kanye
nezimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile; kanye
- nokufaka isicelo semali ebolekwayo.
-
- Iningi lamalungu oMkhandlu kamasipala kufanele libe khona ngaphambi
kokuthathwa kwevoti nganoma yiluphi udaba.
- Yonke imibuzo ephathelene nezindaba eziphawulwe kusigatshana
sesi (2) inqunywa ngesinqumo esithathwe uMkhandlu Kamasipala ube wesekwe yivoti leningi lamalungu awo.
- Yonke eminye imibuzo engaphambili koMkhandlu Kamasipala kuthathwa
izinqumo ngayo ngokweningi lamavoti afakiwe.
- Akukho mthetho kamasipala ongavunywa uMkhandlu Kamasipala ngaphandle
kokuthi -
- wonke amalungu oMkhandlu aziswe kusenesikhathi esifanele; futhi
- umthetho kamasipala ohlongozwayo ushicilelwe ukuze umphakathi
uphawule ngawo.
- Umthetho kazwelonke ungahlinzekela indlela yokunquma –
- ubungako bomkhandlu Kamasipala;
- ukuthi ngabe uMkhandlu Kamasipala ungaliqoka yini ikomiti
eliphethe noma yiliphi elinye ikomiti; noma
- ubukhulu bekomiti eliphethe nanoma yiliphi elinye ikomiti
loMkhandlu Kamasipala;
- UMkhandlu Kamasipala ungashaya imithetho kamasipala ebeka
imitheshwana kanye nemiyalo –
- yamalungiselelo awo angaphakathi;
- yemisebenzi yawo kanye nokwenziwayo; kanye
- neyokumiswa, ukwakhiwa, izinqubo, amandla kanye nemisebenzi
yamakomiti awo.
- UMkhandlu Kamasipala kufanele wenze umsebenzi wawo obala, futhi
ungavala ukuhlangana kwawo, noma kwamakomiti awo, kuphela uma
kufanelekile ukwenza lokho kube kubhekwa ubunjalo bodaba
olusuke ludingidwa.
- Amalungu oMkhandlu Kamasipala anegunya lokubamba iqhaza kokuqhubeka
kuwo kanye nasemakomitini awo ngendlela –
- evumela amaqembu kanye nezintshisekelo ezikhonjiswa ngaphakathi koMkhandlu ukuba kumelwe ngendlela efanele.
- ehambisana nentando yeningi; kanye
- engalawulwa ngumthetho kazwelonke.
161. Amalungelomvumo
Umthetho wesifundazwe phakathi kohlaka lomthetho kazwelonke ungahlinzekela amalungelomvume nokuvikeleka kweMikhandlu Kamasipala namalungu ayo.
162. Ukushicilelwa kwemithetho kamasipala
- Umthetho wedolobha kamasipala ungaphoqelelwa kuphela ngemuva kokuthi
ushicelelwe ephephandabeni likahulumeni laleso sifundazwe esifanele.
- Iphephandaba likahulumeni lesifundazwe kufanele lishicilele umthetho
wedolobha kamasipala lapho licelwa ngumasipala.
- Imithetho kamasipala wendawo kufanele ikwazi ukufinyelelwa ngumphakathi.
163. Uhulumeni wasekhaya ohlelekile
- UMthetho wePhalamende oshaywe ngokuhambisana nenqubo elandelwayo
esungulwe yisigaba sama 76 kufanele –
- uhlinzekele ukuvunywa kwezinhlangano zikazwelonke nezesifundazwe ezimele omasipala;
- umise inqubo engavumela uhulumeni wendawo ukuba –
- abonisane nohulumeni kazwelonke nowesifundazwe;
- akhombe abazomela babambe iqhaza kuMkhandlu Wezifundazwe
Kazwelonke; futhi
- abambe iqhaza kunqubo ebekwe emthethweni kazwelonke
ocatshangwayo esigabeni sama 221(1)(c)
[Isigaba se 163 indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 4 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
164. Ezinye izindaba
Noma yiluphi udala oluphathelene nohulumeni wasekhaya olungadingidwa kuMthethosisekelo lungabekwa ngumthetho kazwelonke noma ngumthetho wesifundazwe ngaphakathi kohlaka lomthetho kazwelonke.