Isahluko 13: Izimali (213-230A)
Okuphathelene nezimali ngokubanzi
213. Isikhwama seMali sikaZwelonke
- Kunesikhwama Semali Sikazwelonke okufakwa kuso yonke imali kanye
nemali etholwe nguhulumeni kazwelonke, okufanele ikhokhwe, ngaphandle
kwemali eshiywe ngaphandle ngumthetho wePhalamende.
- Imali ingakhishwa esiKhwameni Semali Sikazwelonke kuphela –
- ngokuthi ibekwe eceleni ngokoMthetho Wephalamende; noma
- njengemali ebekelwe umsebenzi othile ikhishwa esiKhwameni Semali
Sikazwelonke, uma ihlinzekelwe kuMthethosisekelo noma
kuMthethweni Wephalamende.
-
Ingxenye elingene yemali yezifundazweni evela ezimalini zikazwelonke
ikhishwa ngqo esiKhwameni Semali Kazwelonke.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 213: umhla zi 1 Januwari 1998.]
214. Ukwabiwa ngokulingana kanye nokwabiwa kwezimali
- UMthetho Wephalamende kufanele uhlinzekele –
- ukwehlukaniswa ngokulingana kwezimali eziqoqwe ezweni lonke
phakathi kwemikhakha kahulumeni kazwelonke, yezifundazwe
nohulumeni basekhaya;
- ukutholwa kwendlela egculisayo yokunquma ngokulinganayo ubungako
bengxenye yemali etholwa yisifundazwe ngasinye esabelweni
sesifundazwe saleyo mali; kanye
- nanoma yikuphi okunye ukwabiwa okuya kohulumeni bezifundazwe,
basekhaya noma komasipala, kuvela esabelweni semali sikahulumeni
kazwelonke, kanye nanoma yiziphi izimo okungenzelwa phezu kwazo
lokho kwabiwa.
- UMthetho oshiwo kusigatshaneni soku-(1) ungashaywa kuphela ngemuva
kokubonisana nohulumeni besifundazwe, ohulumeni basekhaya
abahlelekile kanye neKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso, futhi kwabhekisiswa noma yisiphi isincomo seKhomishani; futhi kufanele ubhekele –
- izidingo zezwe;
- noma iyiphi imibandela okufanele yenziwe mayelana nesikweletu sezwe
kanye nezinye izibopho zikazwelonke;
- izidingo nezintshisekelo zikahulumeni kazwelonke, ezitholakele
ngokuthi kusetshenziswe imigomo engathathi hlangothi;
- isidingo sokuqinisekisa ukuthi izifundazwe nomasipala bayakwazi
ukufeza izidingongqangi nokwenza imisebenzi abayabelwe;
- amandla ezezimali kanye nokusebenza ngekhono kwezifundazwe
nomasipala; (f) izidingo zokuthuthukiswa nezinye izidingo
zezifundazwe, zohulumeni basekhaya kanye nomasipala;
- ukwehluka kwezimo zomnotho kuzifundazwe naphakathi kwezifundazwe;
- izibopho zezifundazwe nomasipala ngokomthetho kazwelonke;
- ukufuneka kokwabiwa kwezabelo zemali ezisimeme nezilindelekile;
kanye
- nesidingo sokungaqinisi izintamo uma kubhekwana nezimo eziphuthumayo
noma ezinye izidingo zesikhashana, kanye namanye amaphuzu esekelwe
kuzimo ezifanayo.
[Usuku lokuqala kwesigaba sama 214: umhal zi 1 Januwari 1998.]
215. Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala
- Izabelozimali zikazwelonke, zesifundazwe nezomasipala kanye
nezinqubo zokwabiwa kwezimali kufanele zigqugquzelele ukusebenzela
obala, ukuphenduleka, kanye nokuphathwa kwezimali okunempumelelo
kwezomnotho, kwezikweletu kanye nomkhakha womphakathi.
- Umthetho kazwelonke kufanele ubeke imiyalo –
- uhlobo izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe nezomasipala
okufanele uhlobo izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe
nezomasipala okufanele lube yilona;
- ngokuthi izabelozimali zikazwelonke, ezezifundazwe noma zendawo
kufanele zethulwe nini; kanye
- nokuthi izabelozimali emkhakheni ngamunye kahulumeni kufanele
zibonise ukuthi izimali zivelaphi nokuthi izindleko ezihlongozwa
zizohambisana ngayiphi indlela nomthetho kazwelonke.
- Isabelozimali nagsinye emkhakheni kahulumeni ngamunye kufanele
siqukathe –
- izilinganiso zezimali ezizotholwa nezizosetshenziswa
ezehlukanisa phakathi kwezindleko zesikhthi eside kanye
nezindleko eziqhubekayo;
- iziphakamiso zokuthi izikweletu noma yikuphi ukuntuleka kwemali
okulindelekile kuzokhokhwa kanjani kuleso sikhathi okuzobe
kwenzeka ngaso; kanye
-
nokukukhombisa izinhloso mayelana nokwebolekwa kwemali nezinye
izinhlobo zezikweletu zomphakathi ezizokwandisa izikweletu
zomphakathi onyakeni olandelayo.
[Usuku lokuqala kwesigaba sama 215: umhla zi 1 Januwari 1998.]
216. Ukulawulwa kwezimali zombuso
- Umthetho kazwelonke kufanele umise ihhovisi likazwelonke lokugcina
izimali zombuso bese ubeka izindlela zokuqinisekisa kokubili ukusebenza
ngendlela esobala kanye nokulawulwa kokusetshenziswa kwezimali
emkhakheni ngawunye kahulumeni, ngokuthi wethule –
- izindlela zokugcinwa kwama-akhawunti ezijwayelekile
njengezamukeliwe zokubika ngezimali;
- izigaba imali esetshenziselwa zona ngokufanayo mayelana
nokusetshenziswa kwemali; kanye
- nemigomo nezilinganiso ezifanayo mayelana nezimali zombuso.
-
Ihhovisi likazwelonke lezimali zombuso kufanele liphoqelele
ukulandelwa kwezinyathelo ezisungulwe ngokwesigatshana soku (1),
futhi lingavimba ukwedluliselwa kwezimali engxenyeni yombuso uma
ngabe leyo ngxenye yombuso yephule lezo zinyathelo ngendlela embi
kakhulu noma elokhu iphindaphindwa.
[Isigatshana sesi (2) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 5(a) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
- Isinqumo sokumisa ukwedluliswa kwezimali okufanele zitholwe
yisifundazwe ngokwesigaba sama 214(1) (b) singathathwa kuphela
ngaphansi kwezimo eziphawulwe esigatshaneni sesi (2), futhi –
- asinakumisa ukwedluliswa kwemali isikhathi esingaphezulu
kwezinsuku eziyi-120; futhi
- singaphoqelelwa ngokushesha, kodwa sizophela kusukela esikhathini
esedlule ngaphandle uma iPhalamende lisemukela kulandela uhlelo
olufana kakhulu nalolo olumiswe ngokwesigaba sama 76(1) futhi
lwamiswa yimitheshwana nemiyalo ehlanganyelwe yePhalamende. Lolu
hlelo kufanele lwenziwe luqedwe kungakapheli izinsuku ezingama-30
senziwe isinqumo sehhovisi likazwelonke lezimali zombuso.
[Isigatshana sesi (3) sichibiyelwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
- IPhalamende lingasivuselela isinqumo sokumisa ukwedluliswa kwemali
zingeqi izinsuku eziyi 120 ngasikhathi ngasinye, ngemuva kokulandela
uhlelo olubekwe ngokwesigatshana sesi (3).
- Ngaphambi kokuthi iPhalamende lemukele noma livuselele isinqumo
sokumisa ukwedluliselwa kwezimali esifundazweni –
- uMcubunguli Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kufanele anikeze iPhalamende umbiko; futhi
- isifundazwe kufanele sinikwe ithuba lokuziphendulela ngalokho
esethweswe icala ngakho, futhi sibeke udaba lwaso phambi kwekomiti.
217. Impahla nemisebenzi ekhokhelwa ngezimali zikahulumeni
- Uma ingxenye yombuso emkhakheni kahulumeni kazwelonke, wesifundazwe
noma wasekhaya, noma iyiphi enye inhlangano evezwe emthethweni
kazwelonke, ungena ezivumelwaneni mayelana nempahla noma imisebenzi,
kufanele zikwenze lokhu ngokuhambisana nohlelo olungenzeleli,
olulinganayo, olusobala, olufanele nolungabizi.
- Isigatshana soku (1) asizivimbeli izingxenye zombuso noma izikhungo
okubhekiswe kuzo kuleso sigatshana ukuthi zisebenzise inqubomgomo
yokutholwa kwempahla noma wokwenziwa kwemisebenzi ehlinzekela -
- izigaba ezinconywayo kunezinye lapho kwabiwa izivumelwano
ezenziwayo; kanye
- nokuvikelwa noma ukuthuthukiswa kwabantu noma izigaba zabantu,
ababekwe esimweni esingesihle ngenxa yobandlululo.
-
Umthetho kazwelonke kufanele ubeke uhlaka okufanele kwenzelwe
ngaphakathi kwalo inqubomgomo ephawulwe ezigatshaneni sesi (2).
[Isigatshana sesi (3) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 6 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
218. Iziqinisekiso zikahulumeni
- Uhulumeni kazwelonke, uhulumeni wesifundazwe noma umasipala
anganikeza isiqinisekiso ngemali etshelekwayo kuphela uma isiqinisekiso
sihambisana nanoma yimiphi imibandela ebekwe emthethweni kazwelonke.
- Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa
kuphela ngemuva kokuthi noma yiziphi izincomo zeKhomishani
Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.
-
Minyaka yonke, uhulumeni ngamunye kufanele ashicilele umbiko
ngeziqinisekiso azinikile.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 218: umhla zi 1 Januwari 1998.]
219. Ukukhokhelwa kwabantu abasezikhundleni zikahulumeni
- UMthetho Wephalamende kufanele umise uhlaka lokunquma –
- ngamaholo, izibonelelo nezinzuzo zamalungu esiGungu
Sikazwelonke, izithunywa ezisezikhundleni unomphela zoMkhandlu
Wezifundazwe Kazwelonke, zamalungu eKhabhinethi, zamaPhini
oNgqongqoshe, zabaholi bendabuko kanye nezamalungu anoma yimiphi
imikhandlu yabaholi bendabuko; kanye
- nokubeka umkhawulo ongenakweqiwa ngamaholo, izibonelelo noma
izinzuzo zamalungu ezishayamthetho zezifundazwe, zamalungu
emiKhandlu ePhethe kanye namalungu eMikhandlu Yomasipala
bezinhlobo ezahlukene.
- Umthetho kazwelonke kufanele umise ikhomishani ezimele yokwenza
izincomo mayelana namaholo, izibonelelo kanye nezinzuzo eziphawulwe
esigatshaneni soku (1).
- IPhalamende lingemukela umthetho ophawulwe esigatshaneni soku (1)
kuphela ngemuva kokucubungula nanoma yiziphi izincomo ezenziwe
yiKhomishani emiswe njengoba kushiwo esigatshaneni sesi (2).
- Abaphethe kuzwelonke, abaphethe esifundazweni, umasipala noma
yisiphi esinye isiphathimandla bangasebenzisa umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1), kuphela ngemuva kokucubungula noma yisiphi isincomo esenziwe yiKhomishani emiswe ngokwesigatshana sesi (2).
- Umthetho kazwelonke kufanele umise izinhlaka zokunquma ngamaholo,
izibonelelo nezinzuzo zamajaji, zoMvikeli Womphakathi, zoMcubunguli
Mabhuku Jikelele Wezimali Zombuso kanye nezamalungu anoma iyiphi
iKhomishani ehlinzekelwe kuMthethosisekelo, kumbandakanya
isiphathimandla sezokusakaza esiphawulwe esigabeni se 192.
IKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso
220. Ukumiswa nokusebenza kwayo
- KuneKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso YeRiphabhuliki eyenza
izincomo ezicatshangwayo kulesi Sahluko, noma emthethweni kazwelonke,
izethule ePhalamende, kuzishayamthetho zezifundazwe kanye nakunoma
yiziphi ezinye iziphathimandla ezibekwe ngumthetho kazwelonke.
- IKhomishani izimele futhi ilawulwa kuphela nguMthethosisekelo
nangumthetho, futhi kufanele ingachemi.
- IKhomishani kufanele isebenze ngokoMthetho Wephalamende futhi,
ekwenzeni imisebenzi yayo, kufanele icubungule wonke amaphuzu
athintekayo, kumbandakanya lawo asihlwini olusesigabeni sama 214(2).
221. Ukuqokelwa esikhundleni nesikhathi sesikhundla samalungu
- IKhomishani yakhiwe yilaba bantu besifazane nabesilisa abalandelayo
abaqokelwe esikhundleni nguMongameli, njengenhloko yabaphethe
kuzwelonke -
- Usihlalo kanye nephini likasihlalo;
- abantu abathathu abakhethwe, ngemuva kokubonisana noNdunankulu,
ohlwini olwenziwe ngokuhambisana nenqubo ebekwe ngumthetho
kazwelonke;
- abantu ababili abakhethwe, ngemuva kokubonisana nohulumeni
basekhaya abahlelekile, ohlwini olwenziwe ngohambisna nenqubo
ebekwe ngumthetho kazwelonke; kanye
- nabanye abantu ababili.
[Isigatshana soku (1) indawo yaso ithathwe yisigaba sesi 7(a) soMthetho Wesihlanu Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1999] futhi yaphinda yathathwa yisigaba sesi 7(a) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
(1A) Umthetho kazwelonke okubhekiswe kuwo esigatshaneni soku (1) kufanele ubonelele ukubamba iqhaza –
- koNdunankulu ekwenziweni kohlu olucatshangwa esigatshaneni soku-(1) (b); kanye
- nokukahulumeni wasekhaya ohlelekile ekwenziweni kohlu oluhlongozwa
esigatshaneni soku (1)(c).
[Isigatshana soku (1A) sifakwe yisigaba sesi 7(b) soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]
- Amalungu eKhomishani kufanele abenolwazi olufanele.
- Amalungu asebenza ezikhundleni ngokomthetho kazwelonke. UMongameli
angasusa ilungu esikhundleni ngezizathu zokungaziphathi kahle,
zokungakwazi ukwenza umsebenzi ngenxa yesimo esithile noma
zokungawazi umsebenzi.
222. Imibiko
IKhomishani kufanele inikeze imibiko ngezikhathi ezibekiwe ePhalamende nakuzishayamthetho zezifundazwe.
IBhange Elikhulu Lesizwe
223. Ukumiswa
IBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika liyibhange elikhulu laseRiphabhuliki futhi lilawulwa ngokoMthetho Wephalamende.
224. Inhloso ebalulekile
- Inhloso ebalulekile yeBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika ukuvikela
intengo yemali ukuze kuqinisekiswe ukukhula komnotho okungantengantengi
nokuqhubekayo eRiphabhuliki.
- IBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika, ekufezeni inhloso yalo ebalulekile, kufanele lenze imisebenzi yalo ngokuzimela nangaphandle kokwesaba, ukukhetha noma ukujivaza, kodwa kufanele kube nokubonisana njalo phakathi kweBhange nelungu leKhabhinethi elibheke ezezimali zikazwelonke.
225. Amandla nemisebenzi
Amandla nemisebenzi yeBhange Lesizwe LaseNingizimu Afrika yileyo evame ukusetshenziswa futhi yenziwe ngamabhange amakhulu, nekufanele imiswe nguMthetho Wephalamende futhi kufanele isetshenziswe noma yenziwe ngokwemibandela ebekwe ngokwalowo Mthetho.
IziNdaba Eziphathelene Nezezimali Zesifundazwe Nezendawo
226. IsiKhwama seziMali zesiFundazwe
- KunesiKhwama Sezimali Zesifundazwe esifundazweni ngasinye okufanele
kufakwe kuso zonke izimali ezitholwe nguhulumeni wesifundazwe,
ngaphandle kwemali eshiywe ngaphandle ngokufanele ngokwalo
Mthetho Wephalamende.
- Imali ingakhishwa esiKhwameni Semali Sesifundazwe kuphela –
- ngokuthi ithathwe ngokoMthetho wesifundazwe; noma
- njengemali ebekelwe umsebenzi othile kusiKhwameni Semali
Sesifundazwe, uma ihlinzekelwe kuMthethosisekelo noma
kumthetho wesifundazwe.
- Izimali ezabiwe ngokusebenzisa isifundazwe ziya kuhulumeni wasekhaya
kuleso sifundazwe, ngokwesigaba sama 214(1), zikhishwa ngqo
esiKhwameni Semali saleso sifundazwe.
- Umthetho kazwelonke unganquma ngohlaka okumele kusetshenzelwe
ngaphakathi kwalo ukuthi -
- uMthetho wesifundazwe ngokwesigatshana sesi (2)(b) ungagunyaza ukuba kukhishwe imali njengemali ebibizwa ngqo kusiKhwama Semali Sesifundazwe; kanye
- nemali eyabiwe ngesifundazwe yanikwa uhulumeni wasekhaya kuleso
sifundazwe ngokwesigatshana sesi (3) kufanele ikhokhelwe omasipala
kuleso sifundazwe.
[Isigatshana sesi (4) singezwe yisigaba sesi 8 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthetho- sisekelo we 2001.]
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama-226: umhla zi 1 kuMasingana 1998.]
227. Imithombo kazwelonke yezimali zesifundazwe nezikahulumeni wasekhaya
- Uhulumeni wasekhaya nowesifundazwe ngasinye –
- banelungelo lokuthola ingxenye egculisayo yemali eqoqwe
kuzwelonke ukuze bakwazi ukuhlinzekela izidingo zomphakathi
nokwenza imisebenzi abayabelwe; futhi
- bangathola okunye ukwabiwa okuqhamuka emalini kahulumeni
kazwelonke, okungabekelwa izimiso noma kungabinazimiso.
- Izimali ezingaphezulu eziqoqwe yizifundazwe noma ngomasipala
zingesuswe engxenyeni yabo yemali eqoqwe ngokukazwelonke, noma
kokunye ukwabiwa abakuthole ezimalini zikahulumeni kazwelonke.
Ngokulinganayo, uhulumeni kazwelonke akaphoqwe yilutho ukuba
anxephezelise izifundazwe noma omasipala abangaqoqi izimali
ezilingana nezimali ezingaqoqwa noma izintela ezingakhokhwa.
- Ingxenye yemali egculisayo yesifundazwe eqoqwe kuzwelonke kufanele
yedluliselwe kusifundazwe ngokushesha futhi kungazange kubanjwe
zimali kuyo, ngaphandle kwalapho ukwedluliswa kumiswe ngokwesigaba
sama 216.
-
Isifundazwe kufanele sizihlinzekele ngokwaso noma yiziphi izinto
esizidingayo, ngokokuhlinzeka komthethosisekelo waso wesifundazwe,
ezingaphezulu kwezidingo ezihlongozwe kuMthethosisekelo.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 227: umhla zi 1 Januwari 1998.]
228. Izintela zesifundazwe
- Isishayamthetho sesifundazwe singabeka –
- izintela, izimali ezikhokhelwa okuthile nezimali ezikhokhelwa
izimpahla ezithile, ngaphandle kwentela yeholo, intela efakwa
enanini lentengo yokuthile, intela eyejwayelekile kokuthengiswayo,
intela yomhlaba nezakhiwo noma intela yemikhiqizo yakwamanye amazwe;
kanye
-
nemali eyinani elingaguquki ehlawuliswa ngaphezu kwanoma iyiphi
intela, imali ekhokhelwa okuthile noma imali ekhokhelwa izimpahla
ezithile ebekwe ngumthetho kazwelonke, ngaphandle kwezimali
zezintela ezivela emalini etholwa ngezohwebo, emalini efakwa enanini
lentengo yokuthile, intela yomhlaba nezakhiwo noma izintela
zemikhiqizo evela kwamanye amazwe.
[Indima (b) indawo yayo ithathwe yisigaba sesi 9 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
- Amandla esishayamthetho sesifundazwe okubeka izintela, izimali
ezikhokhiselwa okuthile, izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile
kanye nezimali ezihlawuliswa ngaphezulu –
- awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi
ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi
- kufanele alawulwe ngokoMthetho Wephalamende, ongashaywa kuphela
ngemuva kokucutshungulwa kwanoma yiziphi izincomo zeKhomishani
Yezezimali Neyesikhwama Sombuso.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 228: umhla zi 1 Januwari 1998.]
229. Amandla nemisebenzi yesikhwama sezimali sikamasipala
- Ngokwesigatshana sesi (2), sesi (3) kanye nesesi 4), umasipala
angahlawulisa –
- intela yempahla umuntu anayo kanye nezimali ezihlawuliswa
ngaphezulu ezimalini ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe noma
owenziwe egameni likamasipala; futhi
- uma egunyazwe ngumthetho kazwelonke, angabeka ezinye izintela,
izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa izimpahla
ezithile ezifanele uhulumeni waskhaya noma uhlobo lukahulumeni
wasekhaya okungena ngaphansi kwawo lowo masipala, kodwa
akunamasipala ovunyelwe ukubeka intela yeholo, intela efakwa
enanini lentengo yezinto, intela ejwayelekile yokuthengiswayo
noma intela yemikhiqizo evela kwamanye amazwe.
- Amandla kamasipala okuhlawulisa izintela empahleni yabantu, izimali
ezihlawuliswa ngaphezulu kwezimali ezikhokhiselwa umsebenzi owenziwe
noma owenziwe egameni likamasipala, noma ezinye izintela, izimali
ezikhokhiselwa okuthile noma izimali ezikhokhelwa izimpahla ezithile
zemikhiqizo evela kwamanye amazwe –
- awanakusetshenziswa ngendlela engakhinyabeza kakhulu futhi
ngendlela engafanele izinqubomgomo zikazwelonke zezomnotho, izinyathelo eziphathelene nezomnotho ezeqe imingcele yezifundazwe, noma ukuhanjiswa ngokukazwelonke kwezimpahla, imisebenzi eyenziwayo, izimali noma abasebenzi; futhi
- angalawulwa ngumthetho kazwelonke.
- Uma omasipala ababili benamandla afanayo ngokwesikhwama sombuso
nangokwemisebenzi emayelana nendawo efanayo, ukwabiwa ngendlela
efanele kwalawo mandla nemisebenzi kufanele kwenziwe
ngokomthetho kazwelonke. Ukwabiwa kungenziwa kuphela ngemuva
kokuqashelwa kwale migomo elandelayo -
- Isidingo sokuhambisana nemigomo ezwakalayo yokukhwa kwentela;
- Amandla nemisebenzi eyenziwa ngumasipala ngamunye;
- Ubungako besikhwama sombuso sikamasipala ngamunye;
- Ukusebenza ngempumelelo nangekhono lokwenziwa kokuhlawuliswa
kwezintela, izimali ezikhokhiselwa okuthile nezimali ezikhokhelwa
izimpahla ezithile.
- Ukulingana.
- Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela ukwabelana ngemali etholwe
ngokwalesi sigaba phakathi komasipala abanamandla phezu kwesikhwama
sombuso kanye nemisebenzi kuleyo ndawo.
-
Umthetho kazwelonke ocatshangelwa kulesi sigaba ungamiswa kuphela
ngemuva kokubonisana nohulumeni wasekhaya kanye neKhomishani
Yezezimali Neyesikhwama Sombuso, futhi uma sekucutshungulwe noma
yisiphi isincomo seKhomishani.
[Usuku lokuqala ukusebenza kwesigaba sama 229: umhla zi 1 Januawari 1998.]
230. Imali ebolekwa yisifundazwe
- Isifundazwe singaboleka izimali zokuhlangabezana nezindleko ezingaveli
njalo nezezindleko eziqhubekayo ngokomthetho kazwelonke, kodwa imali
ebolekelwa izindleko eziqhubekayo ingabolekwa kuphela uma kunesidingo
sokuvala lapho kunokuntula khona onyakeni othile wezimali.
-
Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa
kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama
Sombuso sezicutshunguliwe.
[Isigaba sama 230 indawo yaso ithathwe yisigaba se 10 soMthetho Wesikhombisa Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]
230A. Imali ebolekwa ngumasipala
- UMkhandlu Kamasipala, ngokulandela umthetho kazwelonke -
- ungabolekela umasipala izimali zokuhlangabezana nezindleko ezingaveli
njalo nezezindleko eziqhubekayo, kodwa imali ebolekelwa izindleko
eziqhubekayo ingabolekwa kuphela uma kunesidingo sokuvala lapho
kunokuntula khona onyakeni othile wezimali; futhi
- ungazibophezela wona kanye noMkhandlu wakusasa ekusetshenzisweni
kwegunya lawo lomthetho nelokuphatha ukutholela umasipala izimali
ezibolekwayo noma ukumtshalela izimali.
-
Umthetho kazwelonke ophawulwe esigatshaneni soku (1) ungashaywa kuphela ngemuva kokuba izincomo zeKhomishani Yezezimali Neyesikhwama Sombuso sezicutshunguliwe.
[Isigaba sama 230A sifakwe yisigaba se 17 soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001.]