Isheduli 3: Inqubo Elandelwayo Ngokhetho
[Isheduli yesi 3 ichibiyelwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wesine
Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1999, kanye nayisigaba se 19
soMthetho Wesithupha Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2001,
nayisigaba sesi-3 soMthetho Wesishiyagalalunye Wokuchibiyela
uMthethosisekelo we 2002 kanye nayisigaba soku 1 soMthetho Weshumi
Nane Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]
Ingxenye A: Inqubo yokhetho lwabaphathi bezikhundla abahlinzekelwe nguMthethosisekelo
1. Ukusetshenziswa
- Inqubo ebekwe kule Sheduli isetshenziswa njalo uma –
- isiGungu Sikazwelonke sihlangana ukuze sikhethe uMongameli, noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo wesiGungu;
- uMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke uhlangana ukuze ukhethe uSihlalo noma iPhini LikaSihlalo wawo; noma
- isishayamthetho sesifundazwe sihlangana ukuze sikhethe uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo wesishayamthetho.
2. Ukuphakanyiswa Kwamagama
Umuntu ongusihlalo emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli kufanele acele ukuba kuphakanyiswe emhlanganweni abantu abazomela ukhetho.
3. Okudingekayo okungumthetho
- Ukuphakanyiswa kwamagama kufanele kenziwe efomini elibekwe
yimitheshwana ephawulwe kusi 9.
- Ifomu okuphakanyiswa kulo amagama kufanele lisayinwe –
- ngamalungu amabili esiGungu Sikazwelonke, uma kuzokhethwa uMongameli noma uSomlomo noma iPhini LikaSomlomo;
- egameni lamathimba amabili ezifundazwe, uma kuzokhethwa uSihlalo
noma iPhini LikaSihlalo loMkhandlu Wezifundazwe Kazwelonke; noma
- ngamalungu amabili esishayamthetho sesifundazwe esifanele, uma
kozokhethwa uNdunankulu wesifundazwe noma uSomlomo noma iPhini
LikaSomlomo wesishayamthetho.
- Umuntu ogama lakhe liphakanyisiwe kufanele akhombise ukusemukela
isiphakamiso ngokuthi asayine ifomu lesiphakamiso noma asayine noma
yiliphi elinye ifomu lokukhombisa ukwamukela isiphakamiso ngokuthi
kubhalwe phansi lokho.
4. Ukumenyezelwa kwamagama abamele ukhetho
Emhlanganweni okusebenza kuwo leSheduli, umuntu owengamele
umhlangano kufanele amemezele amagama alabo bantu abaphakanyiswe
njengabamele ukhetho, kodwa akanakuyivumela noma
iyiphi inkulumompikiswano.
5. Omele ukhetho eyedwa
Uma kuphakanyiswe umuntu oyedwa kuphela, umuntu owengamele
umhlangano kufanele amemezele ukuthi lowo muntu ophakanyisiwe
ukhethelwe esikhundleni.
6. Inqubo elandelwayo yokhetho
- Uma kuphakanyiswe abantu abangaphezulu komuntu oyedwa -
- kufanele kuvotwe emhlanganweni ngevoti langasese;
- ilungu ngalinye elikhona, noma uma kungumhlangano woMkhandlu
Wezifundazwe Kazwelonke, isifundazwe ngasinye esimelwe
emhlanganweni, singafaka ivoti elilodwa; futhi
- umuntu owengamele kufanele amemezele ukuthi bakhethiwe labo
abathole iningi lamavoti.
7. Inqubo elandelwayo yokuchitha abanye
- Uma kungekho othola iningi lamavoti, lowo othole amavoti amancane
kunabo bonke kufanele achithwe okhethweni, bese kuphindwa kuvotelwa labo
abasele njengoba kushiwo ephuzwini lesi 6. Le nqubo kufanele iphindwe kuze kube nothola iningi lamavoti.
- Uma kusetshenziswa iphuzwana loku (1), uma abamele ukukhethwa ababili noma abangaphezulu benamavoti alinganayo amancane kunawabo bonke, kufanele kuvotwe ngokwehlukana kuvotelwa labo bantu, futhi kuphindwe njengoba kudingeka ukuze kucace ukuthi kuchithwa muphi omele ukukhethwa.
8. Eminye imihlangano
- Uma kuphakanyiswe abantu ababili kuphela, noma uma kusele ababili
kuphela ngemuva kokusetshenziswa kwenqubo yokuchitha, bese labo ababili
bethola amavoti inani lamavoti elifanayo, kufanele kubanjwe omunye
umhlangano kungakapheli izinsuku eziyisikhombisa, ngesikhathi esinqunywe
ngumuntu owengamele.
- Uma kubanjwa omunye umhlangano njengokusho kwephuzwana loku (1), inqubo elandelwayo ebekwe kule Sheduli kufanele isetshenziswe kulowo mhlangano sengathi kusengumhlangano wokuqala wokhetho oludingidwayo.
9. Imitheshwana
- UMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo kufanele enze imitheshwana
ebeka –
- inqubo elandelwayo emihlanganweni okusebenza kuyo leSheduli;
- imisebenzi yomuntu owengamele kulowo mhlangano, neyanoma yimuphi
umuntu omsizayo;
- ifomu okufanele kufakwe iziphakamiso kulo; kanye
- nendlela okufanele kuvotwe ngayo.
- Le mitheshwana kufanele yaziswe ngendlela enqunywe nguMongameli Wenkantolo Yomthethosisekelo abona ngayo.
Ingxenye B: Indlela yokunquma ukuthi amaqembu alibamba kanjani iqhaza kuzithunywa zemiKhandlu Yezifundazwe Kazwelonke
- Inani lezithunywa lezithunywa eziya kuMkhandlu Wezifundazwe
Kazwelonke iqembu ngalinye elinelungelo lokulithola, kufanele
liqunywe ngokuthi kuphindaphindwe ngeshumi inani lezihlalo iqembu
elinazo kusishayamthetho sesifundazwe bese umphumela wehlukaniswa
ngenani lezihlalo kusishayamthetho uhlanganiswe nesihlalo esisodwa.
- Uma isibalo esenziwe ngokwephuzu loku 1, sinika insalela engangeni
kuzithunywa ezinikezwa iqembu elithile njengokusho kwalokho,
insalela kufanele iqhathwe nezinsalela ezitholwa ngelinye iqembu
noma amanye amaqembu, futhi noma yiziphi izithunywa ezingekabiwa
ethimbeni lezithunywa kufanele zabelwe iqembu lelo noma amaqembu
lawo ngokulandelana kwensalela ephezulu kunazo zonke.
-
Uma izinsalela ezincintisanayo ezicatshangwa ephuzwini lesi-2
zilingana, izithunywa ezingabiwe kufanele zabelwe iqembu noma
amaqembu anensalela efanayo, ngokulandelana kusuka kwanenani
lamavoti amaningi kye kwamancane arekhodwe kulawo maqemb ngesikhathi
sokugcina sokhetho lwesishayamthetho sesifundazwe esithintekayo.
[Iphuzu lesi 3 lengezwe yisigaba sesi 2 soMthetho Wesine Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 1999 futhi indawo yalo yaphinde yathathwa yisigaba lesi 3 soMthetho Wesishiyagalolunye Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2002 kanye naysigaba lesi 5(a) soMthetho Weshumi Nane Wokuchibiyela uMthethosisekelo we 2008.]
-
Uma amaqembu angaphezu kwelilodwa anezinsalela ezifanayo ethole
amavoti alinganayo ngesikhathi sokhetho lokugcina lwesishayamthetho
sesifundazwe esifanele, isishayamthetho esifanele kufanele sabe
izithunywa ezingabiwanga kuzithunywa zeqembu noma amaqembu
anezinsalela ezifanayo ngendlela ehambisana nentando yeningi.
[Iphuzu 4 lengezwe yisigaba sesi 5(b) soMthetho Weshumi Nane Wokuchibiyela uMthethosisekelo we2008.]