Okujotshelelwe A: Ukuchibiyela Kusheduli yesi 2 YoMthethosisekelo Owandulela Lona

  1. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu loku 1:

    1. Amaqembu abhaliswe ngokomthetho kazwelonke namele ukhetho lesiGungu Sikazwelonke, kufanele aphakamise amagama abazomela ukhetho lolo kuzinhla zabamele ukhetho ezenziwe ngokuhambisana nale Sheduli nomthetho kazwelonke.
  2. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu lesi 2:

    1. Izihlalo esiGungwini Sikazwelonke njengoba kunqunywe ngokwesigaba sama 46 soMthethosisekelo omusha, zizogcwaliswa ngendlela elandelayo -
      1. Ingxenye yezihlalo evela ohlwini lwezifundazwe lweqembu ngalinye, kube kunenani elingaguquki lezihlalo elibekelwe isifunda ngasinye njengoba kunqunywe yiKhomishani inqumela ukhetho olulandelayo loMkhandlu, kube kubhekwe ulwazi olwesekelwe kusayensi mayelana nabavoti, kanye neziphakamiso ezivela emaqenjini anezintshisekelo.
      2. Enye ingxenye yezihlalo evela ohlwini lukazwelonke lweqembu ngalinye, noma ohlwini lesifunda uma uhlu lukazwelonke lungangeniswanga.
  3. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu lesi 3:

    1. Izinhla zabamele ukhetho olufakwa yiqembu, kufanele uma seziphelele zibe nesamba samagama esingeqile enanini labantu abaphakanyisiwe elilingana nezihlalo ezikhona esiGungwini Sikazwelonke, futhi uhlu ngalunye luzohlela amagama lawo ngendlela engaguquki efiswa iqembu lelo njengoba linganquma ngalokho.
  4. Ukuchibiyelwa kwephuzu lesi (5) ngokufakelwa kwamagama alandelayo esikhundleni samagama endulela indima(a):

    1. Izihlalo okukhulunywa ngazo ephuzwini lesi 2(a) zizokwabelwa ngesifunda ngasinye amaqenjini amele ukhetho, ngale ndlela elandelayo.
  5. Ukuchibiyelwa kwephuzu lesi (6):
    1. ngokufaka esikhundleni samagama angaphambi kwendima (a) lawa magama alandelayo:

      1. Izihlalo okukhulunywa ngazo ephuzwini lesi 2(b) zizokwabelwa amaqembu amele ukhetho, ngendlela elandelayo:

      kanye

    2. nangokufaka esikhundleni sendima (a) indima elandelayo:

      (a) Isabelo samavoti esihlalo ngasinye sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavoti afakwe kuzwelonke ngenani lezihlalo eziseMkhandlwini kaZwelonke, kuhlanganiswe nesisodwa, bese kuthi umphumela uhlanganiswe nokukodwa, kunganakwa izingcezu ezingaphelele, ube yisabelo samavoti aya esihlalweni ngasinye.

  6. Ukuchitshiyelwa kwephuzu lesi 7(3) ngokufaka indima elandelayo esikhundleni sendima (b):

    (b) Isabelo esichitshiyelwe samavoti esihlalweni ngasinye sizobalwa ngokwehlukanisa isamba samavoti afakwe ngokukazwelonke, kususwe inani lamavoti afakelwe iqembu okukhulunywa ngalo endimeni (a) ngokukazwelonke, ngenani lezihlalo esiGungwini, kuhlanganiswe nesisodwa, bese kususwa inani lezihlalo eligcine labelwe iqembu elishiwo ngokwesigaba (a).

  7. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu le 10:

    1. Inani lezihlalo kusishayamthetho sesifundazwe ngasinye lizoba njengoba kunqunyiwe ngokwesigaba se 105 soMthethosisekelo omusha.
  8. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu le 11:

    1. Amaqembu abhaliswe ngokomthetho kazwelonke futhi amele ukhetho lwesishayamthetho sesifundazwe, azophakamisa amagama abamele ukhetho lwaleso sishayamthetho sesifundazwe ezinhleni zesifundazwe ezilungiswe ngokuhambisana nale Sheduli kanye nomthetho kazwelonke.
  9. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu le 16:

    16. Ukubekwa kwabameleli

    1. Ngemuva kokuqedwa kokubalwa kwamavoti, inani labameleli beqembu ngalinye selinqunyiwe nomphumela wokhetho usumenyezelwe ngokwesigaba se 190 soMthethosisekelo omusha, iKhomishani, kungakapheli izinsuku ezimbili ngemuva kokumenyezelwa, izobeka isusela ohlwini ngalunye lwabamele ukhetho, olushicilelwe ngokomthetho kazwelonke, abazomela iqembu ngalinye kusishayamthetho.\
    2. Ngemuva kokubekwa ngokwephuzwana loku (1), uma igama lalowo obemele ukhetho livela ohlwini olungaphezu kolulodwa lesiGungu Sikazwelonke noma ezinhleni zesiGungu Sikazwelonke kanye nolwesishayamthetho sesifundazwe (uma ukhetho lesiGungu nolwesishayamthetho sesifundazwe lubanjwa ngesikhathi esifanayo), futhi obemele okhethweni kulindeleke ukuthi abekwe njengommeleli ezikhundleni ezingaphezulu kwesisodwa, iqembu elizingenise kulezo zinhla, kungakapheli izinsuku ezimbili ngemuva kwesimemezelo leso, lizosho kuKhomishani ukuthi umuntu kufanele abekwe kususelwa koluphi uhlu noma ukuthi uzosebenza kusiphi isishayamthetho, ngokwesimo esizobe sikhona, okuzokwenza ukuthi igama lalowo obemele ukhetho licishwe kwezinye izinhla.\
    3. IKhomishani khona lapho izobe isishicilela uhlu lwamagama abameleli kusishayamthetho noma kuzishayamthetho.
  10. Ukuguqulwa kwephuzu le 18 ngokufaka indima elandelayo esikhundleni sendima (b):

    (b) ummeleli uqokelwa ukuba yisithunywa esisesikhundleni unomphela eMkhandlwini Wezifundazwe Kazwelonke;

  11. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu le 19:

    1. Izinhla zabamele ukhetho beqembu elishiwo ephuzwini le 16(1)zinganezezelwa kube kanye kuphele noma ngasiphi isikhathi phakathi kwezinyanga zokuqala eziyi 12 ngemuva kokuthi ukuqokwa kwabameleli ngokwephuzu le 16 kuqediwe, ukuze kugcwaliswe izikhala ezivela zingalindelwe: Inqobo uma ukunezezelwa lokho kwenziwa ekugcineni kohlu.
  12. Ukufakwa kwephuzu elilandelayo esikhundleni sephuzu lama 23:

    23. Izikhala zomsebenzi

    1. Uma kwenzeka kuba nesikhala kusishayamthetho esithintwa yile Sheduli, iqembu elaphakamisa ilungu elishiyayo lizogcwalisa isikhala ngokuphakamisa umuntu –
      1. ogama lakhe likhona ohlwini lwabamele ukhetho lolo lowo oshiyayo ayephakanyiswe kulo ngaphambilini; futhi
      2. ongolandelayo ofanele ohlwini futhi otholakalayo kulo.
    2. Isiphakamiso sokugcwalisa isikhala sizonikezwa uSomlomo sibhalwe phansi.
    3. Uma iqembu elimelwe kusishayamthetho lishabalala noma liyeka ukuba khona futhi amalungu alelo qembu eshiya izihlalo zawo ngenxa yephuzu lama 23A(1), izihlalo ezithintekayo kufanele zabelwe amaqembu asele ngokuguquguquka kwezimo okudingekayo (mutatis mutandis) sengathi lezo zihlalo zishiywe ngokwephuzu lesi 7 noma le 14, kuye ngesimo esivelile.
  13. Ukufakelwa kwephuzu elilandelayo ngemuva kwephuzu lama 23:

    23. Izizathu ezinezezelwe zokulahlekelwa ngubulungu kuzishayamthetho

    1. Umuntu ulahlekelwa ngubulungu kusishayamthetho esithintwa yile Sheduli uma lowo muntu eyeka ukuba yilungu leqembu elaphakamisa lowo muntu njengelungu laso.
    2. Nangaphandle kokushiwo yiphuzu loku (1), noma yiliphi iqembu lezombusazwe elikhona lingalishintsha igama lalo nganoma yingasiphi isikhathi.
    3. UMthetho Wephalamende, ungashaywa kungakapheli isikhathi esamukelekile ngemuva kokuthi uMthethosisekelo omusha uqale ukusebenza, ngokuhambisana nesigaba sama 76(1) soMthethosisekelo omusha ukuze uchibiyele leli phuzu kanye nephuzu lama 23 ukuhlinzekela indlela engenza ukuthi ilungu lesishayamthetho eliyeka ukuba yilungu leqembu elaliphakamise lelo lungu, likwazi ukugcina ubulungu baleso sishayamthetho.
    4. UMthetho wePhalamende ophawulwe ephuzwaneni lesi (3) ungabuye uhlinzekele nokuthi –
      1. nanoma yiliphi iqembu elikhona lihlangane nelinye iqembu kube yiqembu elilodwa; noma
      2. nanoma yiliphi iqembu lehlukane libe ngamaqembu angaphezulu kwelilodwa.
  14. Ukucinywa kwephuzu lama 24.
  15. Ukuchibiyelwa kwephuzu lama 25 -
    1. ngokufakwa esikhundleni sencazelo ka “Khomishani” ngencazelo elandelayo:

      “iKhomishani” ichaza iKhomishani yoKhetho ephawulwe esigabeni se 190 soMthethosisekelo omusha;

      futhi

    2. ngokufaka incazelo elandelayo ngemuva kwencazelo yo “hlu lukazwelonke”:

      uMthethosisekelo omusha’uchaza uMthethosisekelo weRiphabhuliki YaseNingizimu Afrika we 1996;

  16. Ukucinywa kwephuzu lama 26.