Isigaba sama 84 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lesi sigatshana esilandelayo ngaphezu kwesikhona:
- uMongameli kufanele abonisane namaPhini KaMongameli Aphethe –
- ekuthuthukiseni nasekwenziweni kwezinqubomigomo zikahulumeni kazwelonke;
- kuzo zonke izindaba eziphathelene nokuphathwa kweKhabhinethi nokwenziwa komsebenzi weKhabhinethi;
- ekwabiweni kwemisebenzi kumaPhini KaMongameli Aphethe;
- ngaphambi kwanoma yikuphi ukuqokela ezikhundleni ngaphansi koMthethosisekelo noma kwanoma yimuphi umthetho, kumbandakanya ukuqokwa kwamanxusa noma kwabamele izwe kwamanye amazwe;
- ngaphambi kokuqoka amakhomishani ophenyo; (f) ngaphambi kokubiza inhlolovo; kanye
- nangaphambi kokuxolela noma ukukhululwa kwalabo abenze amacala.
Isigaba sama 89 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ngaphezu kwalezo ezikhona:
- Izigatshana soku (1) nesesi (2) ziyasebenza nasePhinini LikaMongameli Eliphethe.
Indima(a) yesigaba sama 90(1) soMthethosisekelo omusha ithathwa ngokuthi ifundeka ngendlela elandelayo:
(a) SePhini likaMongamelieliPhethe eliqokwe nguMongameli;
Isigaba sama 91 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo:
91. Ikhabhinethi
- IKhabhinethi yakhiwe nguMongameli, ngamaPhini KaMongameli Aphethe kanye –
- noNgqongqoshe abangeqile kuma 27 abangamalungu oesiGungu Sikazwelonke futhi beqokwe ngokwesigatshana sesi(8) kuya kwese (12); kanye
- noNgqongqoshe ongeqile koyedwa ongelona ilungu lesiGungu Sikazwelonke oqokwe ngokwesigatshana se (13), inqobo uma uMongameli, esebenza ngokubonisana namaPhini KaMongameli Aphethe nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, ebona kufanele ukuqokwa kwalowo Ngqongqoshe.
- Iqembu ngalinye elinezihlalo okungenani ezingama-80 esiGungwini Sikazwelonke linelungelo lokuqoka iPhini LikaMongameli Eliphethe phakathi kwamalungu esiGungu.
- Uma lingekho iqembu noma kuyiqembu elilodwa kuphela elinezihlalo ezingama-80 noma ngaphezulu esiGungwini, iqembu elinezihlalo eziningi kunawo wonke neqembu elinenani elilandelayo lezihlalo ngalinye linelungelo lokuqoka iPhini LikaMongameli Eliphethe elilodwa phakathi kwamalungu esiGungu.
- Uma seliqokiwe iPhini LikaMongameli Eliphethe lingakhetha ukuhlala liyilungu lesiGungu noma ukuyeka ubulungu.
- IPhini LikaMongameli Eliphethe lingasebenzisa amandla futhi kufanele lenze imisebenzi ebekelwe isikhundla sePhini LikaMongameli Eliphethe nguMthethosisekelo noma eyabelwe leso sikhundla nguMongameli.
- IPhini LikaMongameli Eliphethe liba sesikhundleni –
- kuze kube mhla zi 30 Ephreli 1999 ngaphandle kwalapho kufakwe omunye esikhundleni salo noma libuyiselwe emuva yiqembu elinelungelo lokwenza isiphakamiso ngokwezigatshana sesi (2) noma sesi (3); noma
- kuze kube yilapho umuntu okhethelwe ukuba nguMongameli ngemuva kwanoma yiluphi ukhetho lesiGungu Sikazwelonke olubanjwe ngaphambi kwamhla zi 30 Ephreli 1999, ethatha esikhundla.
- Isikhala esikhundleni sePhini LikaMongameli eliPhethe singagcwaliswa yiqembu eliphakamise lelo Phini LikaMongameli.
- Iqembu elinezihlalo ekungenani ezingama 20 esiGungwini Sikazwelonke futhi elinqume ukubamba iqhaza kuhulumeni wobumbano lwesizwe, linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ngaphezulu seKhabhinethi, esiqokelwa oNgqongqoshe abaphawulwe esigatshaneni soku (1)(a), ngendlela ehambisanayo nenani lezihlalo zalelo qembu esiGungwini Sikazwelonke uma kuqhathaniswa nenani lezihlalo zamanye amaqembu abamba iqhaza.
- Izikhundla zeKhabhinethi kufanele zabelwe iqembu ngalinye elibambe iqhaza ngokulandela uhlelo lokubala olulandelayo -
- Isabelo sezihlalo esiqondene nesikhundla ngasinye kufanele sibalwe ngokwehlukanisa inani eliphelele lezihlalo esiGungwini Sikazwelonke elibanjwe ngokuhlanganyela ngamaqembu abambe iqhaza ngenani lezikhundla ezizoqokelwa oNgqongqoshe abaphawulwe esigatshaneni soku (1)(a), bese kuhlanganiswa noyedwa.
- Umphumela, kunganakwa izingxenye kusukela enombolweni yesithathu nezilandelayo, uma zikhona izabelo zezihlalo ngesikhundla ngasinye.
- Inani lezikhundla ezizokwabelwa iqembu ngalinye elibamba iqhaza linqunywa ngokwehlukanisa inani lesamba sezihlalo zalelo qembu esiGungwini Sikazwelonke ngesabelo esiphawulwe esigabeni (b).
- Umphumela, owencike endimeni (e), ukhomba inani lezikhundla okufanele zabelwe lelo qembu.
- Uma ukusetshenziswa kohlelo lokubala olungenhla kugcina kunikeza kunensalela engathathwanga yinani lezikhundla ezabelwe iqembu, leyo nsalela iqhudelana nezinye izinsalela ezifana nayo zelinye iqembu noma zamanye amaqembu, futhi noma yiziphi izikhundla, ezisele zingabiwanga kufanele zabelwe iqembu noma amaqembu athintekile ngokulandelana kwensalela enkulu kunazo zonke.
- UMongameli ngemuva kokubonisana namaPhini KaMongameli Aphethe kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza kufanele –
- anqume ngezikhundla ezithile ezizokwabelwa iqembu ngalinye elibamba iqhaza ngokulandela inani lezikhundla elizabelwe ngokwesigatshana sesi (9);
- aqoke mayelana naleso sikhundla ngasinye ilungu lesiGungu Sikazwelonke eliyilungu leqembu elabelwe leso sikhundla ngaphansi kwendima (a), njengoNgqongqoshe obhekene naleso sikhundla;
- uma kuba nesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yezidingo zokubusa kahle kukahulumeni, aguqule noma yisiphi isinqumo esingaphansi kwendima (a), ngokwencike esigatshaneni sesi (9);
- asuse noma yikuphi ukuqokwa ngaphansi kwendima (b) –
- uma uMongameli ecelwe ukuthi enze kanjalo ngumholi weqembu lowo Ngqongqoshe uyilungu lalo; noma
- uma kuba nesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma ngenxa yezidingo zokubusa kahle kukahulumeni; noma
- agcwalise isikhala esikhundleni sikaNgqongqoshe, uma kunesidingo, ngokwencika esigabeni (b).
- Isigatshana se (10) kufanele sisetshenziswe ngomoya oqukethwe emqondweni wohlobo lukahulumeni wobumbano lwesizwe, futhi uMongameli kanye nabanye abamsebenzelayo abathintekile, kufanele uma besebenzisa leso sigatshana bazame ukuvumelana ngezikhathi zonke: Ngaphandle uma ukuvumelana kungakwazi ukufinyelelwa mayelana -
- ngokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni (a), (c) noma (d) (ii) yaleso sigatshana, isinqumo sikaMongameli siyasetshenziswa;
- ngokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni (b),(d)(i) noma (e) yaleso sigatshana athinta umuntu ongelona ilungu leqembu likaMongameli, isinqumo somholi weqembu lowo muntu ayilungu lalo siyasetshenziswa; kanye
- ngokusetshenziswa kwamandla aphawulwe endimeni (b) noma (e) yaleso sigatshana athinta umuntu oyilungu leqembu likaMongameli, isinqumo sikaMongameli siyasetshenziswa.
- Uma noma yisiphi isinqumo ngokwabiwa kwezikhundla siguqulwa ngaphansi kwesigatshana se (10)(c), oNgqongqoshe abathintekile kufanele bashiye izikhundla zabo kodwa bavunyelwe, uma kungenzeka, ukuthi baqokwe kabusha baqokelwe kwezinye izikhundla ezabelwe iqembu labo ngalinye ngokwesinqumo esiguquliwe.
- UMongameli –
- ebonisana namaPhini KaMongameli Aphethe kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza, kufanele –
- anqume ukuthi uNgqongqoshe ophawulwe esigatshaneni soku (1) (b) uzophatha siphi isikhundla uma kunesidingo ngemuva kwesinqumo sikaMongameli ngaphansi kwaleso sigatshana;
- aqoke mayelana naleso sikhundla umuntu ongelona ilungu lesiGungu Sikazwelonke, njengoNgqongqoshe obhekene naleso sikhundla;
- agcwalise, uma kunesidingo, isikhala esiqondene naleso sikhundla, noma
- ngemuva kokubonisana namaPhini KaMongameli Aphethe kanye nabaholi bamaqembu abambe iqhaza, kufanele aqede noma yikuphi ukuqokwa okungaphansi kwendima (a) uma kuba nesidingo ngezizathu zoMthethosisekelo noma zokubusa kahle kukahulumeni.
- Imihlangano yeKhabhinethi kufanele yenganyelwe nguMongameli, noma, uma uMongameli enikeza umyalo, kube yiPhini LikaMongameli Eliphethe: Ngaphandle kokuthi amaPhini KaMongameli Aphethe ayashintshisana ngokwengamela imihlangano yeKhabhinethi ngaphandle kwalapho ukuphuthuma kwezidingo zikahulumeni kanye nomoya oqukethwe ngumqondo kahulumeni wobumbano lwesizwe, kudinga ukuthi kwenzeke ngenye indlela.
- IKhabhinethi kufanele isebenze ngendlela ecabangela ukutholakala komoya wokuvumelana ngokomqondo kahulumeni wobumbano lwesizwe kanye nangokwesidingo sokuba nohulumeni osebenza ngendlela efanele.”.
Isigaba sama 93 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi sifundeka ngendlela elandelayo:
93. Ukuqokwa kwamaPhini oNgqongqoshe
- UMongameli, ngemuva kokubonisana namaPhini KaMongameli Aphethe kanye nabaholi bamaqembu abamba iqhaza kuKhabhinethi, angasungula izikhundla zamaphini ongqongqoshe.
- Iqembu linelungelo lokwabelwa isikhundla esisodwa noma ezingaphezulu zamaphini ongqongqoshe ngamanani alinganayo kanye nangendlela yokubala efana naleyo esentshenziselwe ukwabiwa kwezikhundla zeKhabhinethi.
- Izimiso zesigaba sama 91(10) kuya kwese (12) ziyasebenza, nezinguquko ezifanele, mayelana namaPhini oNgqongqoshe, futhi kulokho kusetshenziswa ukuphawula okubhekise kuNgqongqoshe noma esikhundleni kufanele kufundwe njengokuphawula ngePhini LikaNgqongqoshe noma ngesikhundla sePhini LikaNgqonqoshe, ngokulandelana kwalokho.
- Uma umuntu eqokwe njengePhini LikaNgqongqoshe lanoma yisiphi isikhundla esinikezwe uNgqongqoshe –
- lelo Phini LikaNgqongqoshe kufanele ngegama lalowo Ngqongqoshe, lisebenzise futhi lenze nganoma yimaphi amandla noma imisebenzi eyabelwe lowo Ngqongqoshe ngokomthetho noma yimuphi noma okunye, yabelwe iPhini likaNgqongqoshe, ngokuhambisana nemiyalelo kaMongameli; futhi
- noma yimuphi umthetho okhuluma ngalowo Ngqongqoshe kufanele uthathwe ngokuthi umbandakanya iPhini LikaNgqongqoshe elibambe ngokokujutshwa ngaphansi kwendima (a) nguNgqongqoshe obanjelwe yilelo Phini LikaNgqongqoshe.
- Lapho iPhini LikaNgqongqoshe lisuke lingekho noma ngenxa yanoma yisiphi isizathu lingakwazi ukusebenzisa noma ukwenza noma yimaphi amandla noma imisebenzi yesikhundla, uMongameli angaqoka noma yiliphi elinye iPhini LikaNgqongqoshe noma yimuphi omunye umuntu ukuba abambe isikhundla salelo Phini LikaNgqongqoshe, ekwenza lokho ngokuphelele noma mayelana nokusetshenziswa noma ukwenziwa kwanoma yimaphi amandla noma imisebenzi abaluliwe.’.
Isigaba sama 96 soMthethosisekelo omusha sithathwa ngokuthi siqukethe lezi zigatshana ezilandelayo ezinezezelwe:
- ONgqogqoshe banezibopho ngamunye kuMongameli kanye nasesiGungwini Sikazwelonke mayelana nokuphathwa kwezikhundla zabo, futhi wonke amalungu eKhabhinethi anezibopho njengembumba mayelana nokwenziwa kwemisebenzi kahulumeni kazwelonke kanye nangenqubomigomo yakhe.
- ONgqongqoshe kufanele baphathe izikhundla zabo ngokulandela inqubomgomo enqunywe yiKhabhinethi.
- Uma uNgqongqoshe ehluleka ukuphatha isikhundla ngokuhambisana nenqubomgomo yeKhabhinethi, uMongameli angadinga ukuthi uNgqongqoshe othintekile aqondise ukuphathwa kwaleso sikhundla ukuze kuhambisane nalowo mgomo.
- Uma uNgqongqoshe othintekile ehluleka ukuhlangabezana nezidingo zikaMongameli ngaphansi kwesigatshana sesi (5), uMongameli angamsusa uNgqongqoshe esikhundleni –
- uma kunguNgqongqoshe ophawulwe esigabeni sama 91(1)(a), ngemuva kokubonisana noNgqongqoshe futhi, uma uNgqongqoshe engelona ilungu leqembu likaMongameli noma engeyena umholi weqembu elibamba iqhaza, nangemuva kokubonisana nomholi weqembu lalowo Ngqongqoshe; noma
- uma kunguNgqongqoshe ophawulwe esigabeni sama 91(1)(b), ngemuva kokubonisana namaPhini KaMongameli Aphethe nabaholi bamaqembu abamba iqhaza.