- Ngokwencika emiyalelweni kaNgqongqoshe wezoKuphepha nezokuVikela, uKhomishani kaZwelonke uzoba nesibopho –
(b) ukuqokwa kokhomishani bezifundazwe;
(d) ukuphenya kanye nokuvimbela ubugebengu obuhleliwe noma ubugebengu obudinga uphenyo kanye nokuvimbela ubugebengu okwenziwa kuzwelonke noma amakhono akhethekile;
kanye
(k) ukwakhiwa kanye nokugcinwa kophiko lukazwelonke olubheka ukusimama kwezimo emphakathini ukuze luthunyelwe ukuyokweseka kanye nalapho kunesicelo sikaKhomishani wesiFundazwe;
Ukuguqulwa kwesigaba sama 219 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka amagama endulela indima (a) esigatshaneni soku (1) ngamagama alandelayo:
- Ngokuya kwesigaba sama 218(1), uKhomishani Wesifundazwe uzoba nesibopho –
Ukuguqulwa kwesigaba sama 224 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka esikhundleni sombandela obekelwe isigatshana sesi (2) umbandela olandelayo:
Inqobo uma lesi sigatshana sizobuye sisebenze kumalungu anoma yimuphi umbutho ohlomile ofake uhlu lwabasebenzi bawo ngemuva kokuqala ukusebenza koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, we 1993 (uMthetho wama 200 we 1993), kodwa ngaphambi kokuvunywa komqulu womthethosisekelo omusha njengoba kucatshangwa esigabeni sama 73 salowo Mthethosisekelo, uma inhlangano yezezombusazwe umbutho lowo ogxile ngaphansi kwegunya lawo nokulawula kwawo negqugquzela izinhloso zawo iye yabamba iqhaza eMkhandlwini Omkhulu wesiKhashana noma yabamba iqhaza okhethweni lokuqala loMkhandlu kaZwelonke nowezishayamthetho zezifundazwe ngaphansi koMthethosisekelo okukhulunywa ngawo.
Ukuguqulwa kwesigaba sama 227 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka esikhundleni sesigatshana sesi (2) isigatshana esilandelayo:
- UMbutho wezokuVikela kaZwelonke uzosebenzisa amandla awo futhi uzokwenza umsebenzi wawo ngokwenza kuphela lokho okubhekene nezidingo zezwe ngokweSahluko se 11 soMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, we 1996.
ngokufaka esikhundleni sesigatshana soku (1) isigatshana esilandelayo:
- Uhulumeni, umnyango kahulumeni, ukuphathwa kukahulumeni noma ezokuphepha okwathi masinyane ngaphambi kokuqaliswa koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, we 1996 (ngemuva kwalapha obizwa ngokuthi ‘uMthethosisekelo omusha’), wabe wenza imisebenzi kahulumeni,uyaqhubeka nokusebenza ngokomthetho osebenza lapho kuze kube ukuthi uyaqedwa noma ufakwa noma uhlanganiswa kunoma iyiphi inhlangano efanele noma udidiyelwa noma uqiniswe kanye nanoma iyiphi enye inhlangano.
ngokufaka esikhundleni sesigatshana sesi (6) isigatshana esilandelayo:
- uMongameli angaqoka ikhomishani ezobuka kabusha ukuphethwa noma ukuguqulwa kwesivumelwano, ukuqashwa noma ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme, noma ukunikezwa kwesikhathi esimisiwe noma isimo sokusebenza noma ezinye izinzuzo, okwenzeka phakathi kwamhla zi 27 EPhreli 1993 namhla zi 30 Sephtemba 1994 kunoma yimuphi umuntu okuphawulwe ngaye esigatshaneni sesi (2) noma kunoma yiliphi izinga labantu abanjalo.
- Ikhomishani ingahlehlisa ibuyisele emuva noma iguqule isivumelwano, ukuqashwa, ukukhushulelwa esikhundleni esiphakeme noma ukunikezwa kokuthile uma kungalungile noma kwamukelekile ezimweni zalolo daba;
kanye
ngokufaka esikhundleni samagama athi, “lo Mthethosisekelo”, noma yikuphi lapho evela khona esigabeni sama 236, amagama athi,
uMthethosisekelo omusha
(a) Ukuhlelwa kudidiyelwe zonke izinhlangano eziphawulwe esigabeni sama 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha ephawulwe esigabeni sama 224(2), kuzoqhubeka ngemuva kokuqala ukusebenza koMthethosisekelo waseNingizimu Afrika we 1996, ngenhloso yokusungula –
(i) ukuphathwa okusebenza ngempumelelo emkhakheni kahulumeni kazwelonke ukubhekana nezindaba ezingena ngaphansi kwesandla somkhakha kazwelonke;
(ii) ukuphatha okusebenza ngempumelelo kwesifundazwe ngasinye ukubhekana nezindaba ezingaphansi kwesandla sesifundazwe ngasinye.
futhi
(i) izinhlangano eziphawulwe esigabeni sama 236(1), ngaphandle kwemibutho yamasotsha, zizoba ngaphansi kukahulumeni kazwelonke, ozosebenzisa leso sibopho ngokubambisana nohulumeni bezifundazwe;
Ukuguqulwa kwesigaba sama 239 soMthethosisekelo owendulela lo ngokufaka esikhundleni sesigatshana sesi (4) isigatshana esilandelayo:
- Ngokwencika nangokulandela yinoma yimuphi umthetho osebenzayo,izimpahla, amalungelo, imisebenzi kanye nezindleko zayo yonke imibutho ephawulwe esigabeni sama 224(2) zizokwehlela phezu koMbutho Kazwelonke Wezokuvikela ngokulandela imiyalelo kaNgqongqoshe wezokuVikela.